Johannesburg - Unozinti weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune uvumile ukuthi kusize ukuthethiswa ngumqeqeshi uSteve Komphela ukuze ezakhe ziphendule amatafula emdlalweni weNedbank Cup neGolden Arrows.
Amakhosi aye ekhefini lomdlalo weLast-32 e-FNB Stadium libambane ngo-0-0 nale kilabhu yaseThekwini.
Kuthe ngemuva kwekhefu abadlali babuye bengasadle zinkobe zamuntu njengoba amagoli kaRyan Moon, uBernard Parker, noJoseph Molangoane eqinisekise ukuthi Amakhosi anqoba umdlalo ngo-3-0.
Umdlali ovelele uKhune uvumile ukuthi ezakhe bezidlala ibhola elingagculisi ngesiwombe sokuqala wabe eseyachaza ukuthi yini ebenze babuya sekungathi bathelwe ngezibonkolo ngesiwombe sesibili.
OLUNYE UDABA: Angikwazi ukulaxaza abadlali abadala ngoba sekufike abasha - Komphela
"Esiwombeni sokuqala, angicabangi ukuthi sidlale ngokohlelo ebesinalo lwalo mdlalo. Besibhacaza," kusho lo nozinti weBafana Bafana.
"Kusize ukuthi umqeqeshi asithethise ukuze senze kahle ngesiwombe sesibili. Ngakho ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi sithethiswe njalo ngaphambi kokuthi sidlale umdlalo osezingeni eliphezulu."
AmaGlamour Boys manje asezobuyela emgqigqweni weligi njengoba ezokwamukela iCape Town City ngoMgqibelo ngaphambi kokugadulisana neBloemfontein Celtic ngemuva kwalokho athathane ne-Orlando Pirates ngomhlaka-3 Mashi.
IChiefs ihlezi endaweni yesine kwi-PSL, ilandela iMamelodi Sundowns ngamaphuzu ayisikhombisa.