Share

Kusolwa umbango wentombi ngomfundi otholakale ebulewe eNkandla

Durban - Bethuka izanya abafundi baseMphemba High School, eDolwane, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal emuva kokuba kutholakale isidumbu sikazakwabo odabuka eMpangeni.

Lesi sidumbu sitholwe sisemhosheni ngoLwesithathu lomhlaka-8 kwephezulu sinamanxeba okugwazwa.

Ngokomthombo weLANGA, isidumbu sikaSandile Msimango obefunda umatikuletsheni kulesi sikole, sitholakale sisagqoke umfaniswano wesikole, ugcwele igazi.

UMsimango kuthiwa waduka ngomhlaka-6 kuyo le nyanga.

Kuthiwa ubulawa nje, ubephuma esikoleni ebusuku kade eyotadisha.

Umthombo utshele ILANGA ukuthi kabasaphephile kwazise kunendawo yokucima ukoma kule ndawo eseduze nesikole, okungenzeka ukuba izixhwanguxhwangu zilimaze abafundi.

“Umfundi utholakale enamanxeba esifubeni elele kabuhlungu emhosheni. Le nto isiyesabisa ngoba izingane kazisaphephile, kakwaziwa ukuthi kuzolandela bani manje,” kusho umzali.

Ilunga lesigungu esilawula isikole, uMnu Mandla Bhengu, lithi kunemibiko ethi umufi uke waba sembangweni wentombi phambilini kanti uzolalelwa unyendle.

OLUNYE UDABA: Kubulawe umfundi ngaphandle kwamasango esikole e-KZN

“Isimo sibi kakhulu ngoba kubulawa le ngane nje, kasazi kuzolandelani kwazise kakuyona ngisho eyasendaweni, ibifike ngokuzofunda eNkandla.

“Sethukile kakhulu singabazali, sesiyesaba ukuba izingane ziyofunda ebusuku uma sekwenzeka izehlakalo ezifuze lesi,” kusho uBhengu.

Kusolakala ukuthi umufi ugwazwe ngomunye ofunda eGodide High School, okuyisikole esakhelene neMphemba.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uKwazi Mthethwa, uthi bayasigxeka kakhulu isenzo sokungaziphathi kahle kwabafundi.

Unxuse abafundi ukuba bahambe ngabaningi uma beya esikoleni ebusuku beyozifundela.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala, uthi kunecala lokubulawa kowesilisa oneminyaka engu-17 ubudala eliphenywa ngamaphoyisa aseKhombe.

Uthi uboshiwe umsolwa oneminyaka engu-17 ubudala kanti uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNkandla ngoMsombuluko odlule.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 945 votes
No! It's time to move on ...
33% - 463 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE