Share

Kuyithathe isikhathi eside i-ANC ukuxosha uZuma - UDM

Durban - UNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule umemezele esithangamini sabezindaba ngoLwesibili ntambama ukuthi i-NEC ye-ANC ithathe isinqumo sokufaka uMengameli Jacob Zuma amasondo.

Lesi siqiniseko siza ngemuva kokuhlawumbisela okuningi mayelana nekusasa likaMengameli Zuma.

UZuma kulindeleke ukuba aphendule kusasa, kanti uMagashule uthi abanazo ezinye izinhlelo uma uZuma engabaphenduli.

"Akukho okungalungile uZuma akwenzile, kepha sithathe isinqumo sokuthi kube nguCyril Ramaphosa ozothatha izintambo," esho.

OLUNYE UDABA: I-ANC inqume ukuketula uZuma

Iqembu eliphikisayo i-United Democratic Movement (UDM) izwakalise ukuthi iyasamukela isinqumo sokuketulwa kukaZuma njengomengameli wezwe.

"Kubathathe isikhathi eside nokho ukuthi bafinyelele kulesi sinqumo, yize kukade kwacaca ukuthi asimfanele lesi sikhundla asiqhoqhobele," kusho umholi waleli qembu esitatimendeni, uBantu Holomisa.

Uthe kucacele noma ngubani manje ukuthi i-ANC ithathe lesi sinqumo ngenxa yokwanda kwengcindezi eqhamuka kumaqembu ezepolitiki, izinhlangano ezimele umphakathi kanye nabezindaba ekutheni kukhishwe uZuma.

"Ingcindezi eqhamuka nxazonke itshengisa ukuthi intando yeningi, eshicilelwe kuMthethosisekelo, iyasebenza," esho.

Uthe i-ANC - ekade yaqala ukweseka uZuma - kumele ilungise lo monakalo ngokuthi ibeke uZuma nobhululu bakhe amacala.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
66% - 534 votes
No! It's time to move on ...
34% - 278 votes
Vote
Rand - Dollar
19.03
-0.1%
Rand - Pound
23.79
+0.0%
Rand - Euro
20.41
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.42
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
930.40
+0.5%
Palladium
994.00
+0.4%
Gold
2,335.42
+0.1%
Silver
27.56
+0.5%
Brent-ruolie
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
0.0%
All Share
74,329
0.0%
Resource 10
62,119
0.0%
Industrial 25
102,531
0.0%
Financial 15
15,802
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE