Share

Kweqe iziboshwa ebezisanda kugwetshwa udilikajele ngawokubulala

Sekuvele imibiko ethi kweqe iziboshwa ezintathu ebezisanda kuthola isigwebo ngamacala okubulala ngemuva kokweqa zikade ziyovela eNkantolo eNkulu yaseGoli.

La madoda ayingxenye yesigejane samadoda amane abesanda kugwetshwa udilikajele ngoLwesine ngokubulala umndeni waseLawley, eningizimu yeGoli ngo-Agasti 2016.

Kuthiwa laba beqe ngesikhathi sebeyongena evenini ebezobahambisa ejele.

Imithombo esondelene nalolu daba itshele i-EWN ukuthi la madoda amathathu - abeboshwe ngamaketangu - akwazile ukweqa ngesikhathi evele enkantolo ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Kweqe 4 weziboshwa 'eziyingozi' ejele e-E London

Kukholakala ukuthi lezi ziboshwa ebese zilahlwe ngamacala, bezihlome ngezikhali okuyizo ezizisebenzisile ukuhlasela amaphoyisa abeziphelezela.

Lesi sigameko sesivuse ukwesaba kanye nemibuzo ngokuphepha okubandakanya iziboshwa ngenxa yokuthi lesi sehlakalo siza ngemuva kokweqa kweziboshwa ezingu-16 ejele eliseGoli.

Ezimbili kuzona zadutshulwa zabulawa KwaZulu-Natal.

Lezi ezinye ezingu-14 zisagcwele izigange.

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMlilo nowezobuLungiswa ubungakatholakali ukuba uphawule kulandela isigameko.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 424 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 600 votes
Vote
Rand - Dollar
18.93
+0.0%
Rand - Pound
23.90
+0.0%
Rand - Euro
20.40
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.33
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.0%
Platinum
908.05
+1.2%
Palladium
1,014.94
+1.3%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE