Share

Namanje akukacaci ukuthi izokwethulwa nini i-SONA

Cape Town - Njengoba izwe lisadunguza ebumnyameni ngekusasa likaMengameli Jacob Zuma, namanje akukacaci ukuthi izokwethulwa nini inkulumo engesimo sezwe iState of the Nation Address(SONA).

Abezindaba ze-EWN bathole ukuthi amalungu e-South African National Defence Force (SANDF), abezobayingxenye yokuqapha lo mcimbi azolibangisa eKimberley lapho okuzobe kubanjelwe khona umgubho we-Armed Forces Day ngoLwesithathu oluzayo.

OLUNYE UDABA:I-ANC ibize umhlangano oyisipesheli weKhokhasi

Ngalo lolo suku kuzobe kulindeleke ukuba kwethulwe inkulumo yesabelomali ka-2018 ePhalamende.

Khonamanjalo, uhlelo lwasePhalamende lwangoLwesithathu seluphazamisekile ukuze kuzohlala umhlangano ophuthumayo wekhokhasi ye-ANC ePhalamende.

I-EWN iphinde yananela ngokuthi umhlangano wekhokhasi ye-ANC uzobe uhanjelwe nguMengameli weANC uCyril Ramaphosa, uNobhala Jikelele u-Ace Magashule kanjalo neSekela lakhe uJessie Duarte.

Kuthe ngoLwesibili ntambama, i-ANC yabamba isithangami sabezindaba yaqinisekisa ukuthi uKhongolose umfake amasondo uMengameli Zuma kulandela ukuthi enqabile ukwesula ngokwakhe esikhundleni.

Ukwethulwa kwe-SONA kwahlehliswa njengoba kwakulindeleke ukuba kube ngomhlaka-8 Febhuwari.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 1003 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1039 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.92
-0.6%
Rand - Euro
20.54
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
915.50
-0.5%
Palladium
1,009.50
-1.6%
Gold
2,323.10
+0.1%
Silver
27.24
-0.2%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE