Share

Nazi izindlela ezine zokubeka imali yelobolo

Johannesburg – Kuyawenza umqondo ukusheshe uqale ukulondoloza imali yelobolo ukuze uzinikeze isikhathi esanele sokuthi uhlomule inzuzo, ngokusho koyiFinancial Wellbeing Consultant, e-Alexander Forbes, uHappy Ngale.

“Ilobolo isiko lase-Afrika elibandakanya inkokhelo – kungaba imali noma inkomo noma izinkomo – ezivela emndenini walowo osuke engaba umkhwenyana kubazali balowo osuke engaba umakoti ngokomshando wesintu,” kuchaza uNgale.

“Kuyindlela yokubonga kanye nokuhlonipha abazali bamakoti kanye nendlela yokwakha ubudlelwano phakathi kwemindeni yomibili. Kungokukhokha ilobolo kuphela ukuthi abathandanayo bathathwe njengasebeshadile.”

Imali ijwayele ukusetshenziswa njengemali, futhi umndeni uyavumelana ngesibalo sezinkomo kanye nenani lenkomo ngayinye. Ilobolo liphinde libandakanye nokuphana ngezipho ezisuke ziyizinto okusuke kuvunyelwene ngazo, kunaba uNgale.

OLUNYE UDABA: Omunye ogilwe uMMM: Ngalahlekelwa u-R35 000 ngemuva ‘kokujama’ kohlelo

Ukulobola yisiko elibizayo. Uma ngabe ucabanga indlela yokubeka imali yelobolo yesikhathi esifushane kumele ubheke izinto ezifana nokuthi mungakanani umthamo noma inani lemali noma izinkomo okumele ube nazo, ubungozi obukhona bokulahlekelwa yilokho osuke ukonga kanye nokuthi uzokonga noma uzobeka isikhathi esingakanani.

Imali elondoloziwe engabanjwa intela (tax-free)

Abanikazi be-account yokonga imali (saving account) engabanjwa intela (tax-free) – bayayekelwa ukuthi bangayikhokhi intela, ayikho imali engenayo, imali eyinzuzo kanye nemihlomulo yentela okumele ikhokhwe noma ibuyeselwe emuva. Imali engafinyelela ku-R33 000 ingabekwa ngonyaka wentela (tax year), kanti empilweni yakho yonke ingaze ifinyelele ku-R500 000. Lapha usuke ubeka imali engango-R2 750 ngonyaka.

“Ungakhipha (withdraw) kulesi sikhwama sokonga noma ngabe kunini ngaphandle kokukalelwa noma ukuhlawuliswa. Isikhwama sokonga siyakunikeza umthamo odingekayo esikhathini esifushane sokulondoloza,” kusho uNgale.

I-Unit trust

Awukho umkhawulo wokuthi yimalini engalondolozwa, kodwa iyabanjwa intela emalini okhokhelwa yona. Le mali itholakala kalula uma usuyidinga ngale kwenhlawulo noma umkhawulo. Ama-Unit trust avuleleke emalini elondolozwa ngokuthenga izindlu kanye nemali elondolozwa ngokuthenga amasheya ezimakethe, nokwenza uhlomule ngemuva kwesikhathi eside.

I-Money market account

Le account enemali ezalayo, izala imali (interest) enkulu kunale ezalekayo uma uyifake ebhange, ngokuchaza kukaNgale. “Ulondoloza ngqo ezinhlakeni zemali kanye nezinhlaka eziningi zezimakethe zemali (money market). Inzalo incika kwizinga lemali ezalayo ngaleso sikhathi (interest rate).” Lokhu kusho ukuthi uma ngabe iphansi i-interest rate, nemali ozoyizuza izoba ncane.

Isitokfela

Lolu hlelo lokonga imali ludlisile emalokishini noma ezindaweni zasemakhaya. “Njengelungu lesitokfela, uthola ingxenye yemali engukheshi njengoba inkokhelo ishintshashintsha kumalungu inyanga nenyanga,” kusho uNgale.

Kwezinye izitokfela kukhishwa imali inyanga nenyanga kanti le mali ilondolozwa kwi-account yesitokfela. Ekupheleni konyaka ilungu nelungu lesitokfela lithola ingxenye ethile yamali uma sekuhlukaniswa. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 495 votes
No! It's time to move on ...
35% - 264 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+1.1%
Rand - Pound
23.79
+0.7%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.40
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
925.50
+1.5%
Palladium
989.50
-1.5%
Gold
2,331.85
+0.7%
Silver
27.41
+0.9%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.5%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE