Johannesburg - Ukaputeni weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana usecele abalandeli ukuba baphume ngobuningi babo uma sebedlala neWydad Casablanca emlenzeni wokuqala weCaf Champions League quarterfinal ozoba seLucas Moripe Stadium ngeSonto (15:00).
UKekana uthe kubalulekile ukuba ompetha base-Afrika bawunqobe lo mdlalo wasekhaya abazowudlala nezinkunzi zaseMorocco ukuze badlulele kowandulela owamanqamu.
OLUNYE UDABA: I-SAFA ngeke isiphikise isinqumo sokuphindwa komdlalo
UKekana uthe: “Ukuze sidlulele emidlalweni eyandulela eyamanqamu sidinga abalandeli bethu. Ngaphandle kwabalandeli sifana nesitimela esingenakhanda.”
“Siyazi ukuthi muva nje asidlali kahle ekhaya, kodwa lona umdlalo owehlukile. Siyakwazi ukubaluleka komdlalo osekhaya.”
UKekana uthe kunzima ukudlala emazweni ase-Afrika kodwa kuyabasiza bathole amava okudlala nabanye abadlali nokuyinto engasiza kakhulu iBafana.