Johannesburg - Indoda esolwa ngokudlwengula umzala wayo imkhombe ngommese, izosilalela ngomhlaka-27 Septhemba isigwebo sayo eNkantolo yesiFunda yaseMhala.
Le ndoda ilahlwe yicala lokudlwengula eyalenza ngo-2014 eGreen Valley, e-Acornhoek.
Ngaphambilini, umsolwa uBilly Mokoena, waliphika icala watshela inkantolo ukuthi wayethandana nomzala wakhe. Wathi wamucela ukuthi amthengele iziphuzo endaweni yokucima ukoma ngaphambi kokuba bazibandakanye ocansini.
OLUNYE UDABA:Ulahlwe yicala lokubulala intombi owayeyishosha
"Savumelana ngokulala sobabili ngalobo busuku. Ngamangala amaphoyisa esezongibopha," kusho uMokoena.
Kodwa isisulu siyakuphika okushiwo uMokoena. Sethule ubufakazi enkantolo sathi uMokoena waphula iwindi wasikhomba ngommese.
Isisulu sithe: "Angikholwanga ukuthi umzala wami angenza into efana nale kumina. Bengimthatha njengomfowethu."
IMantshi u-Elmarie Theron, ithe uMokoena uzamile ukudukisa inkantolo. Yancoma umsebenzi womseshi uSergeant Stella Mkansi ngophenyo oluholele ekutheni icala ligcine limgojela.