Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eGauteng usubafake bonke ezikoleni abafundi ebebengakazitholi izikhala kulesi sifundazwe.
Balinganiselwa ngaphezu kuka-300 000 abafundi abafaka izicelo ku-internet zokufunda u-Grade 1 no-Grade 8 kulo nyaka.
Ekuqaleni konyaka, bangaphezu kuka-40 000 abafundi ebebesalinde ukutholelwa izikhala.
UMnyango ubuzibekele umnqamulajuqu wamaphakathi noFebhuwari ukuba bonke abafundi babe sebezitholile izikole.
OLUNYE UDABA: Usenkantolo umama osolwa ngokushaya kabi ingane yakhe
Okhulumela uMnyango, uSteve Mabona uthi sebeqedile ukutholela abafundi izikhala ezikoleni kulesi sifundazwe.
Uthi iningi labazali beselinovalo njengoba belilinde ukuba izingane zabo zitholelwe izikole, ikakhulukazi ezikhethwe yibona.
Uthi okuyishwa nje ukuthi izingane abazitholelanga zonke izikole ebezifunwa ngabazali bazo ngenxa yokuthi ezinye zazo besezigcwele.
- SABC