Seziboshwe zonke ebezeqe ejele lasePollsmoor

Cape Town – Zonke iziboshwa eziyisithupha ebezeqe eMedium B ePollsmoor Prison ngeSonto seziboshiwe.

Iziboshwa ezinhlanu ziboshwe ngoMsombuluko, kanti esesithupha siboshwe ngoLwesibili.

"Ukhomishana wezamajele eWestern Cape uDelekile Klaas uncome amalungu oMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ngaphansi kwe-Emergency Support Team (EST) kanye namaphoyisa ngokusebenza ngokushesha nokuholele ekuboshweni kweziboshwa eziyisithupha ebezeqe ejele lasePollsmoor ngeSonto ebusuku,” kusho uMnyango esitatimendeni ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Udedelwe ngebheyili osolwa ngetulo lokubulala umyeni

UKlaas phambilini uzibophezele ngokuthi zizophinde ziboshwe lezi ziboshwa kungakapheli amahora angu-72, nokusho ukuthi ujabulile kakhulu njengoba ziboshwe emahoreni engu-48.

“Sithanda ukuthatha leli thuba sibonge abezomthetho ngokuzikhandla nangokuzimisela ekulwisaneni nobugebengu. Kodwa futhi sithanda ukubonga kakhulu imiphakathi yethu ngokusincinza indlebe mayelana nokuthi bezikuphi lezi ziboshwa,” kusho uKlaas.

USiphenathi Ntantiso, 20, okunguyena oboshwe kamuva ubhekene necala lokudlwengula.

- Cape Argus