Cape Town – U-Eskom usebuye wahoxisa uhlelo lokuphazamiseka kokuphakwa kukagesi komasipala abathathu esifundazweni i-Eastern Cape ngoLwesithathu.
Yize kunjalo, le nkampani isiveze ukuthi uma labo masipala bengasikhokhi isikweletu kuze kube uLwesihlanu, izinhlelo zokucima ugesi zizoqhubeka.
Omasipala iRaymond Mhlaba, Walter Sisulu kanye neNxuba Yethemba bekumele banqanyulelwe ugesi ngoLwesithathu ngoba behluleka ukukhokhela isikweletu futhi bengaqhamuki namasu okuthi bazosikhokhela kanjani.
OLUNYE UDABA:BUKA: Wamukelwe ngenhlokomo ‘uPapa Action’ Molefe kwa-Eskom
"U-Eskom ubelokhu exhumana nalabo masipala kanye nobuholi bakulesi sifundazwe ngaphambi kokuqhubekela phambili nohlelo lokucima ugesi.
"Sisenalo ithemba lokuthi sizokwazi ukuthola isixazululo esizosebenzela wonke umuntu kungakashayi uLwesihlanu mhla zingu-15 kwephezulu," kusho u-Eskom ngesitatimende.
U-Eskom uqhubeke wathi ukunqanyulwa nokuphazanyiswa kwenqubo yokuphakwa kukagesi kuwo wonke amakhasimende angakhokhi yisinyathelo sokugcina abasithatha ngemuva kokuba bexhumane namakhasimende angakhokhi.