Share

U-e.tv usuhlwithe i-soapie yodumo ku-SABC

Cape Town – U-e.tv usuhlwithe umdlalo kamabonakude wodumo, iDays of Our Lives, nosuneminyaka udlala eziteshini ezehlukene zeSABC njengoba usuzodlala kulesi siteshi esiyimbangi ngesikhathi lapho bebaningi abantu ababukela umabonakude (primetime).

Lo mdlalo owuchungechunge usuzodlala ku-e.tv kusukela ngoMsombuluko ngomhlaka-4 kuSepthemba ngo-17:30.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi iSABC, ngaphansi kobuholi balowo owayeyiChief Operating Officer (COO) yayo, uHlaudi Motsoeneng, yanquma “ukuvala” izinhlelo zakwamanye amazwe kuSABC futhi ikakhulukazi kuSABC3, nokuyilapho iDays of Our Lives "yavalelwa ngaphandle" ngesikhathi isuswa esikhathini eyase ineminyaka idlala ngaso ngo-17:00 maqede yafakwa esikhathini esicishe sibe maphakathi nobusuku ngo-23:30.

Yize noma iDays yayingaconsi phansi kubabukeli, inezibalo ezinhle zokubukelwa futhi ifaka imali eningi kulesi siteshi salo msakazeli womphakathi okuyisona kuphela esigxile ekwenzeni inzuzo (commercial), kodwa ukubukelwa phansi kwalo mdlalo uSABC sekwenze wathola ukuthathelwa phezulu yizimbangi ezinkulu, u-e.tv.

OLUNYE UDABA:U-e.tv usunqamule i-soapie esineminyaka idlala

IDays  ku-e.tv izoqala ngesiqephu sesi-12 368.

Ngaphezu kwalokhu ababukeli balo mdlalo balapha eNingizimu Afrika sebezothola ithuba lokuwubuka ngobuchwepheshe obuveza izithombe ezicace bha beHigh Definition (HD) njengoba u-e.tv esakaza ngobuchwepheshe beHD esiteshini zeDStv yakwaMultiChoice ekhokhelwayo (channel-194) kanye nakwi-OpenView HD (OVHD) yakwaPlatco Digital (channel 104).

OyiManaging Director yakwa-e.tv, uMarlon Davids, uthi basazoqhubeka nokwengeza izinhlelo ezisezingeni lomhlaba ezinhlelweni zabo.

IDays of our Lives idlala esiteshini saseMelika, iNBC, kanye nasemazweni amaningi omhlaba.

U-e.tv uzodlala iDays of Our Lives phakathi neviki, bese iphinda ngamaSonto ku-eXtra, nokuyisiteshi esitholakala kwi-OpenView HD (channel 105).

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 476 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1046 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE