Share

UDJ ukhihla esinaNandi ngokuthathelwa inguduso

Durban - Ukhihla esililo ngezinkomo zakhe uDJ waseThekwini abelobole ngazo ingoduso yakhe, osekunezinsolo zokuthi isithathwe yisihlabani somculo saseNigeria esingaconsi phansi kulezi zinsuku, uDavido.

UMbuso Khuzwayo owaziwa ngelikaDJ Twitty kubikwa ukuthi ufuna zibuye izinkomo zakhe abelobole ngazo.

Imithombo ethembekile yeLANGA LangeSonto esondelene noTwitty ithi lo DJ udinwe uyaqhuma njengoba inguduso yakhe uSandy Mzolo ebonakala ezithombeni ezinkundleni zokuxhumana ethokozile noDavido.

Lezi zithombe yizo eziqinisa izinsolo zokuthi bayathandana.

"UTwitty akasabulali ubuthongo, uhlukunyezwa yindaba kaSandy olokhu efaka izithombe zakhe noDavido bengcebeleka," kulanda umthombo osondelene kakhulu noTwitty.

OLUNYE UDABA: Kuhlokome uTwitter uMgarimbe 'esaphaza' uDJ Twitty

UDavido ubalwa nabaculi abahamba phambili kulo nyaka njengoba enezingoma ezithakaselwa kakhulu ngabesifazane okubalwa kuzo esihloko sitho Follow.

UTwitty waqala ukuthandana nale ntokazi isafunda kwaze kwaba ithola umsebenzi.

Omunye umthombo uthe: "Unebhadi lo mfana. Awukwazi ukuthi umuntu umkhiphele izinkomo kodwa yena avele apepenyeke namadoda phesheya kwezilwandle lapho ungafinyeleli khona. Kodwa naye uTwitty uyashesha ukulobola, kumele ehlise kancane."

Ethintwa uTwitty ngalolu daba uvele wathi yena ufuna izinkomo zakhe. "Sengihlukene naye, senginenye ingoduso futhi yaseNewlands, eThekwini, uBuhle Hadebe, kodwa uDavido kumele angikhokhele izinkomo zami ngoba ngalobola," esho.

Uthi njengoba ubeselobolile bese kushoda kancane nje ukuba bashade noSandy.

Imizamo yokuthola uSandy ukuba aphawule ayiphumelelanga kanti leli phephandaba lihlulekile nokuxhumana noDavido kwazise unqamula amazwe.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 995 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1033 votes
Vote
Rand - Dollar
19.23
-0.6%
Rand - Pound
23.92
-0.6%
Rand - Euro
20.55
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.6%
Rand - Yen
0.12
-0.5%
Platinum
915.20
-0.5%
Palladium
1,009.00
-1.7%
Gold
2,322.74
+0.0%
Silver
27.23
-0.3%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE