Cape Town – UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uMalusi Gigaba umile kwelokuthi wabamba iqhaza elingatheni ekuqokweni kwamabhodi ezinkampanini zikahulumeni ngesikhathi esaseMnyangweni wezamaBhizinisi kaHulumeni.
Utshele amalungu ekomidi elenza uphenyo nge-state capture ePhalamende ukuthi udumele ngokuthi ezinye zezikhulu eziphezulu zaxhaphaza izikhundla zazo.
OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ibheyili umabhalane owaqola inkampani imali engaphezu kuka-R1m
UGigaba uthi ngaleso sikhathi wayengazi nangamathenda athinta umndeni wakwaGupta futhi wayengenawo amandla okungenelela ohlelweni lokukhishwa kwamathenda enkampanani ephehla ugesi u-Eskom.
UGigaba uthi ngesikhathi ekulesi sikhundla, wenza konke ngenhloso yokusiza izinkampani zikahulumeni ezazingaphansi kwesandla sakhe.
Uthi akaze agxambukele ekuqokweni kwebhodi futhi uyazisola ngeqhaza alibamba ekuqokweni kwezinye zezikhulu ezagcina ngokungawenzi ngendlela umsebenzi wazo.