Share

Ukhiphe izidumbu 'umbango' wendawo

Durban - Simuncu isimo eSiqwaqweni, eShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natal emuva kokuba kudutshulwe kwabulawa umnumzane wakwaDlamuka nomzukulu wakhe, kwashiswa isigodlo sikamama wakhona oyisangoma ngoMgqibelo ekuseni.

Kusolwa umbango wendawo ngalesi sigameko.

Kuthiwa abasolwa abathathu baqale babulala uPhiwayinkosi Dlamuka, 17, badlulela kuyisemkhulu, uMnu Magazukana Dlamuka, 58, abangagcinanga nje ngokumbulala, kodwa baphinde bamgenca ngocelemba wonke umzimba, bamshiya eyizicucu.

ILANGA lithole ukuthi kwenzeka lokhu nje, umndeni wakwaDlamuka uke wasongelwa ngokuthi uzobulawa qede unqunyiswe okwezinkukhu uma ungafuni ukusuka endaweni owakhe kuyona njengoba inombango.

Kuthiwa lo mndeni usolwa ngomakhelwane ngokuthi wakhe endaweni okungesiyona eyawo yize sekunesikhathi eside wakhile kuyona.

Umthombo wephephandaba uthi abasolwa bafike phakathi kwamabili sekulelwe, baqala endlini ebilele uPhiwayinkosi qede banyukela endlini ebilele uMnu Dlamuka nomkakhe.

OLUNYE UDABA: Uyazisola ngokulobola ingoduso yomuntu

Umthombo uthi umama wekhaya usinde ngenhlanhla njengoba abasolwa bebesho ukumqeda naye kodwa wakwazi ukuphunyuka abaleke.

Kuthiwa kwenzeka lokho nje, amanye amalungu omndeni abekhona egcekeni elele kwezinye izindlu, kanti avuswe wumsindo wokuqhuma kwesibhamu.

“Sisola umbango wendawo esihleli kuyona ngoba sekunesikhathi omakhelwane baqala ukusibangisa, besitshela ukuthi sabekwa endaweni yabantu,” kuchaza ilungu lomndeni elingafunanga ukudalulwa.

Lithi lo mndeni sekunesikhathi uhlala kule ndawo, futhi wayithenga wabekwa ngokusemthethweni kuyona.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala nokucekela phansi impahla.

Uthi amaphoyisa abengakabophi muntu kulesi sigameko kodwa aphansi phezulu nophenyo.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 308 votes
No! It's time to move on ...
36% - 172 votes
Vote
Rand - Dollar
19.05
+0.9%
Rand - Pound
23.76
+0.8%
Rand - Euro
20.36
+0.9%
Rand - Aus dollar
12.38
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+1.1%
Platinum
910.30
-0.2%
Palladium
987.00
-1.8%
Gold
2,332.93
+0.7%
Silver
27.53
+1.4%
Brent-ruolie
88.02
-0.5%
Top 40
68,252
-0.5%
All Share
74,187
-0.4%
Resource 10
61,527
+1.8%
Industrial 25
102,472
-1.5%
Financial 15
15,807
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE