Share

UKomphela uyayamukela eyalabo abathi 'Steve Must Go'

Cape Town - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uthe uyazwelana nabalandeli baMakhosi yize bebememeza bethi 'Steve Must Go' kulandela ukuhlulwa kwekilabhu yiChippa United.

"Asiyilwisi eyokuhhahhanyezwa, siyayiqonda intukuthelo yabalandeli ngoba vele izinto kazihambi kahle. Vele ngokwejwayelekile uma kubhimba izinto kusolwa umqeqeshi," kusho uKomphela etshela iSuperSport ngemuva komdlalo.

"Bunjalo vele ubuholi, uma kubheda nguwe okumele usolwe."

Amakhosi awakwazanga ukubuya emdlalweni ngesikhathi amaChilli Boys efaka igoli kuqala ngosizo luka-Abel Mabaso njengoba umdlalo uphele ngo-1-0 uvuna le kilabhu yase-Eastern Cape.

OLUNYE UDABA: IChiefs idinga uMessi noma uRonaldo ukufaka amagoli - Inkakha

"Ngicabanga ukuthi ngesiwombe sokuqala senze iphutha zisuka nje," kusho uKomphela. 

"IChippa idlale kahle kakhulu, kepha ngenkulu inhlonipho, belilinye kuphela iqembu enkundleni ngesiwombe sesibili.

"Ngicabanga ukuthi isibalo samathuba esiwakhile besisikhulu kunesabo, kepha obekusele wukuthi sibhakuzise inethi."

Ukunqoba bekuzofukula lezi zinkundla zaseSoweto zibe kuTop 4 njengoba zisalelwe yimidlalo emibili ngaphambi kwekhefu likaKhisimusi.

UKomphela usephinde wathola okunye ukugxekwa ngabalandeli ngemuva kokudlala imidlalo emine benganqobi kanye nokugqoza kwamagoli.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 320 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 458 votes
Vote
Rand - Dollar
18.96
-0.3%
Rand - Pound
23.95
-0.2%
Rand - Euro
20.47
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.36
-0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.3%
Platinum
911.00
+1.6%
Palladium
1,012.02
+1.0%
Gold
2,213.44
+0.9%
Silver
24.79
+0.6%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.9%
Resource 10
57,251
+2.9%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE