Johannesburg - UMeshack Lekalakala, 28, waseStinkwater, eTshwane, ushaqeke kabi ebona owesilisa enza ucansi nembuzi yakhe ngeSonto.
“Bengicabanga ukuthi ngiyaphupha ngibona izinqa zendoda ngesikhathi ngilunguza ngewindi,” kusho uMeshack.
Uthi ugagule ngegama le ndoda, yavele yakhuphula i-anda yayo, yaxolisa, yabe isigqoka izingubo.
OLUNYE UDABA: Basenkingeni abaqambe amanga ngokuthunjwa
“Uvumile ukuthi udlwengule imbuzi, waxolisa kodwa udadewabo uyamphikela, uthi akasoze ayenza into efana naleyo esilwaneni. Uthi abantu besifazane abahle bayazifela ngaye.”
Isikhulu sakwa-SPCA uMeshack Matlou, seluleke umndeni ngokuvulela umsolwa icala.
Uthe: “Imbuzi sizoyihambisa kodokotela bezilwane, okuyibona abazokhipha umbiko wezempilo.
“Kuzovulwa icala kanti uma limlahla, uzojeziswa.”