Port Elizabeth – Iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) linqumele uMengameli Jacob Zuma ugwayi katiki, lamtshela ukuthi kumele ehle esikhundleni kungenjalo abhekane nesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bakhe ePhalamende.
Lokhu kushiwo usihlalo we-ANC uGwede Mantashe obetshela abalandeli benhlangano eMsobomvu Community Hall eButterworth esifundazweni i-Eastern Cape ngoLwesibili, okuyilanga i-ANC eqinisekise ngalo ukuthi imyalele ukuba asishiye isikhundla sakhe.
"Simvumele ukuba asithathe ngokwakhe isinqumo sokwesula esikhundleni, ukuze engeke aphucwe imihlomulo. Uma enqaba, sizosebenzisa umthetho 12.1-2-1.2, othi i-ANC inelungelo lokuthuma nokubuyisa isithunywa sayo, kungekhona ukuthi imqondisa izigwegwe,” kusho uMantashe, osaqhubeka nemigubho yeminyaka engu-106 kwasungulwa i-ANC.
OLUNYE UDABA: Ezinye izigemegeme ezingamahlazo ezibandakanya uZuma
Uthe uma uZuma eqhubeka nokwenqaba ukwenza okushiwo yi-ANC, akukho okunye engakwenza ngaphandle kokuvumela isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bakhe.
UMantashe uthe njengelungu eliqotho le-ANC unikezwa ithuba lokuba uzehlele ngokwakho esikhundleni, kodwa uma wenqaba kusho uthi wenza okuphambene ne-ANC, nokusho ukuthi yona izokuyekelela udliwe ngamanqa.
- ANA