UMafumadi uphika izinsolo zokuzama ukuba kushushiswe uWinnie ngecala lokubulala

Johannesburg - Lowo owayenguNgqongqoshe wezokuPhepha uSydney Mafumadi uthi akaze acelwe ukuba aphendule ngezinsolo ezivele kwi-documentary emayelana nempilo kaWinnie Madikizela-Mandela.

UMufamadi ubephendula ngezinsolo ezithi wazama ukubheca ngobubende uMadikizela-Mandela ngokufa kukaStompie Seipei.

USeipei wabulawa eneminyaka engu-14 ubudala ngemuva kokusolwa ngokuba yimpimpi yamaphoyisa.

Isidumbu sakhe satholakala eduze komuzi kaMadikizela-Mandela eSoweto ngo-1989.

OLUNYE UDABA: Kuyaphenywa ngecala lokubulawa kwendoda esiteshini samaphoyisa

UMufamadi uziphikile izinsolo zokuthi wayefuna uMadikizela-Mandela aye enkantolo ayophendula ngokufa kukaSeipei.

Uthi akaphendulanga phambilini ngalezi zinsolo ngenxa yokuthi bekusazilelwe uMadikizela-Mandela, ubekhombisa ukumhlonipha.

UMufamadi uthi ezinye zezinsolo kule filimi azilona iqiniso.

“Indlela okusetshenzwa ngayo, mayelana nesinqumo sokuvulwa nokuvalwa kophenyo, sithathwa nguKhomisha nawamaPhoyisa hhayi ungqongqoshe," esho.

Uphinde wasola umdidiyeli wale filimi ngokungamnikezi ithuba lokuba aziphendulele ngezinsolo.