Share

UManana ulahlwe ngamacala amathathu okushaya

Johannesburg - OwayeyiPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMduduzi Manana ulahlwe amacala amathathu okushaya ngemuva kokuthi awavume amacala abebekwe wona.

Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi eRandburg ngoLwesithathu emini.

Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-7 Novemba lapho ezokwehliselwa khona isigwebo.

NgoLwesithathu, kuboshwe omunye umsolwa wesibili kuleli cala ngemuva kokuthi ekhonjwe ngomunye walaba besimame abavule icala.

OLUNYE UDABA:Abanye babafundi babuthane enkantolo beyokweseka uManana

UManana wavuma ukubandakanyeka kulesi sigameko kodwa wayechukuluziwe.

Isigameko saqoshwa kwi-video ngaphambi kokuba isatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.

UManana wesula esikhundleni sakhe ngemuva kwengcindezi ayeyithola kwi-ANC nakwezinye izinhlangano, kodwa namanje usayilungu le-ANC ePhalamende.

Ngesikhathi evele enkantolo phambilini wadedelwa ngebheyili ka-R5 000.

UManana uthi wabuzwa ngomunye wabamangalelwa, uNoluthando Mahlaba, ukuthi: " Ucabanga ukuthi ungubani, lesi sitabane".


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
66% - 579 votes
No! It's time to move on ...
34% - 301 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+0.0%
Rand - Pound
23.78
+0.1%
Rand - Euro
20.39
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.44
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
931.40
+0.6%
Palladium
994.00
+0.4%
Gold
2,334.95
+0.1%
Silver
27.51
+0.3%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
0.0%
All Share
74,329
0.0%
Resource 10
62,119
0.0%
Industrial 25
102,531
0.0%
Financial 15
15,802
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE