Johannesburg - OwayeyiPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMduduzi Manana ulahlwe amacala amathathu okushaya ngemuva kokuthi awavume amacala abebekwe wona.
Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi eRandburg ngoLwesithathu emini.
Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-7 Novemba lapho ezokwehliselwa khona isigwebo.
NgoLwesithathu, kuboshwe omunye umsolwa wesibili kuleli cala ngemuva kokuthi ekhonjwe ngomunye walaba besimame abavule icala.
OLUNYE UDABA:Abanye babafundi babuthane enkantolo beyokweseka uManana
UManana wavuma ukubandakanyeka kulesi sigameko kodwa wayechukuluziwe.
Isigameko saqoshwa kwi-video ngaphambi kokuba isatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.
UManana wesula esikhundleni sakhe ngemuva kwengcindezi ayeyithola kwi-ANC nakwezinye izinhlangano, kodwa namanje usayilungu le-ANC ePhalamende.
Ngesikhathi evele enkantolo phambilini wadedelwa ngebheyili ka-R5 000.
UManana uthi wabuzwa ngomunye wabamangalelwa, uNoluthando Mahlaba, ukuthi: " Ucabanga ukuthi ungubani, lesi sitabane".