Share

UManyisa uchaza ngesizathu sokushiya iBhakabhaka

Johannesburg - Umdlali wasesiswini u-Oupa “Ace” Manyisa uthi isinqumo sokujoyina iMamelodi Sundowns wasithatha ngoba efuna ukukhula, azithuthukise njengomdlali futhi lokhu uzokwenza ngokusebenzisana neqembu elinogqozi nelizimisele ngokuwina yonke into.

UManyisa uchithe iminyaka cishe eyishumi ne-Orlando Pirates futhi wayisiza kakhulu ukuba ifike kowamanqamu we-Caf Champions League neConfederation Cup.

Yize bahluleka ukunqoba kulo mdlalo, uManyisa wayelokhu edlale njalo ngokuzimisela kwiligi kwazise nezakhe zakudala zazishanela nezindondo eziningi ngaleso sikhathi.

Lo mdlali uthi kubalulekile ukukhula uma ungumdlali futhi akakhathazekile ngokuthi kumele alwele udumo kuleli qembu eligcwele abadlali abadumile.

OLUNYE UDABA:UManyisa ubhoboka ngokulimaze iPirates

“Njengomdlali kumele ukhule, ngikhethe ukukhula ngokuthi ngibe lapha. Ngizokhula njengomdlali ngoba ngiyazi ukuthi kumele ngiqale phansi futhi ngilwele indawo yami kuleli qembu,” kusho yena.

Ngokubika kwephephandaba iSunday World, lo mdlali uthi lokhu kuyingxenye yempilo.

“Uma bengingafuni ukukhula njengomdlali, bengizosho ukuthi angifuni ukuya ndawo ngihlale lapho ebengikhona. Konke bekulula kimi kodwa ngithathe isinqumo sokuthi ngivulele abanye abadlali abasebasha isikhala ngingabavimbeli," esho.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
33% - 338 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
67% - 697 votes
Vote
Rand - Dollar
19.17
-0.1%
Rand - Pound
23.89
-0.3%
Rand - Euro
20.45
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.32
-0.1%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
941.90
-0.9%
Palladium
1,011.50
-1.8%
Gold
2,383.59
+0.2%
Silver
28.32
+0.3%
Brent-ruolie
87.11
-0.2%
Top 40
67,040
-0.2%
All Share
73,105
-0.2%
Resource 10
63,080
-0.3%
Industrial 25
98,263
-0.2%
Financial 15
15,463
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE