Cape Town - USomlomo wePhalamende uBaleka Mbete kulindeleke ukuba abuyele ehhovisi lakhe ngoLwesibili kulandela ukuhambela umhlangano we-National Executive Committee (NEC) ye-ANC.
Akucaci ukuthi uMbete uzophendula nini mayelana nezimfuno ze-Economic Freedom Fighters (EFF) zokuthi kube nenkulumompikiswano ngokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma kuleli sonto, esikhundleni sikamhlaka-22 Febhuwari, okungusuku olwabekwa ngaphambilini.
NgoMsombuluko, ihhovisi likaMbete likhiphe isitatimende lathi usaxoxisana noSotswebhu we-ANC uJackson Mthembu neSekela likaMengameli Cyril Ramaphosa, njengokwemithetho yesiShayamthetho.
OLUNYE UDABA: I-ANC izobamba isithangami nabezindaba ngolwaZuma namuhla
Amaqembu aphikisayo asebhalele uMbete noSihlalo weNational Council of Provinces, uThandi Modise, emazisa ngokuthi afuna kuhlakazwe iPhalamende okuzothi uma kuphumelela kuholele ekutheni kubanjwe ukhetho ngaphambi kwesikhathi ebesibekiwe.
Umholi we-EFF uJulius Malema ukhiphe lo mnqamulajuqu ngoMsombuluko ngemuva komhlangano wamaqembu aphikisayo ePhalamende izolo.
“Ngo-10:00, uma uBaleka engaphenduli, i-EFF izofaka isicelo esiphuthumayo ePhalamende ngoba sisenkingeni."
Nokho ngoLwesibili ekuseni kuvele ukuthi i-EFF iwuhlehlisile umnqamulajuqu ewunikeze uMbete waba ngo-13:00.
Okhulumela iPhalamende uMoloto Mothapo uthe uMbete useyiphendulile i-EFF. "USomlomo uyitshelile i-EFF ukuthi usacubungula isicelo kanti futhi usaxhumana nezinhlaka ezithintekayo kulolu daba."