eThekwini- Kuhlukene imibono ngokubulawa kwabayisikhombisa endaweni yaseNgcobo ngoLwesihlanu ebusuku.
eThekwini - Amaphoyisa akubone lokhu njengempumelelo yenqubekela phambili kuleli cala elishaqe abaningi kuleli lizwe.
Ukuhlaselwa ngesihluku nokubulawa kwamaphoyisa esemsebenzini kuyihlazo elikhulu kuleli.
Lokhu kwembula izinqa hhayi kuphela lesi siteshi esahlaselwa, kodwa umbutho wonke wamaphoyisa.
Yize kubuhlungu kakhulu lokhu okwenzekile, abafundi bathi kungenzeka yini ukuthi kubelula ukuthi abasolwa bagadle emaphoyiseni ngoba bewalele?
Yize lokhu kungasizi ngalutho ngoba ekugcineni amaphoyisa nawo angabantu futhi banemindeni, ukubulawa ngale ndlela akwamukelekile neze.
Lokhu kubonise izinga elikhulu lendelelo lezigebengu emaphoyiseni.
Basithathaphi isibindi esingaka sokuhlasela amaphoyisa esemsebenzi, bawabulale futhi baphinde bebe zonke izikhali zawo.
Lezi zigebengu ngabe ezendawo, noma bekuyinto ehleliwe nokusho ukuthi kukhona isandla semfene kukho konke lokhu.
OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abayisikhombisa eNgcobo
Baze ngani abasolwa ukuthi ulwesithathu ulona suku okumele bagadle ngalo emaphoyiseni.
Kuzo zonke iziteshi zamaphoyisa kungani bekhethe lesi saseNgcobo.
Yize iminingi imibuzo kunezimpendulo.
Okucacile wukuthi sekukhona asebekhokhe ngempilo yabo ngaleli cala elibuhlungu kangaka lokubulawa kwabantu abasivikelayo.
Abafundi babuza umbuzo wokuthi, buphi ubufakazi obukhombisa ukuthi laba ababulewe yibona ngempela abahlasele lawa maphoyisa.
Ngabe ukugadla kwamaphoyisa kubonisa ukuthi uphenyo lwawo lube yimpumelelo futhi banesiqiniseko sokuthi laba abashonile bayingxenye yabulali?
UMbono wabafundi:
Andile Ma-Andy Mabaso Bukhona yini ubufakazi obukhombisa ukuthi abasolwa ibona laba ababulala amaphoyisa? Uma bukhona asitshelwe ukuthi ibuphi ngoba kungenzeka ukuthi kubulawe abantu okungeyibo ngoba nakhu kuphuthunywa umnqamulajuqu ka-72 hrs owakhishwa uMongameli.
Phiwe Luna Pi Ndlovu eMzansi iyasho inhlamvu kusukela kwaphela udlame akuphindanga kwaceba isiziba ngabe kothula sekuphethe muphi umholi emini kabha umfana omncane uhudula i-rifle kubuka umphakathi uboneke ubunzima esiphila ngaphansi kwabo
Mhlengi Mchunu 7 -7 siyalingana isibalo sabashonile eNgcobo phakathi kwamaphoyisa nabafwethu abazamimpilo ngendlela engekhemthethwe waseNingizimu Afrika.
Cairo Da Paris KaCiara Imingakho kebafana bakaMbalulahlalani phezukwabo babethi kumele kufe bani? Ngabe baphi laba bathi uMbalula wande ngomlomo ai ngathi uphethe ushuni kaBheki Cele