Share

UMBONO: Buphi ubufakazi bokuthi laba ababulewe yibona ababulala amaphoyisa

eThekwini- Kuhlukene imibono ngokubulawa kwabayisikhombisa endaweni yaseNgcobo ngoLwesihlanu ebusuku.

eThekwini - Amaphoyisa akubone lokhu njengempumelelo yenqubekela phambili kuleli cala elishaqe abaningi kuleli lizwe.

Ukuhlaselwa ngesihluku nokubulawa kwamaphoyisa esemsebenzini kuyihlazo elikhulu kuleli.

Lokhu kwembula izinqa hhayi kuphela lesi siteshi esahlaselwa, kodwa umbutho wonke wamaphoyisa.

Yize kubuhlungu kakhulu lokhu okwenzekile, abafundi bathi kungenzeka yini ukuthi kubelula ukuthi abasolwa bagadle emaphoyiseni ngoba bewalele?

Yize lokhu kungasizi ngalutho ngoba ekugcineni amaphoyisa nawo angabantu futhi banemindeni, ukubulawa ngale ndlela akwamukelekile neze.

Lokhu kubonise izinga elikhulu lendelelo lezigebengu emaphoyiseni. 

Basithathaphi isibindi esingaka sokuhlasela amaphoyisa esemsebenzi, bawabulale futhi baphinde bebe zonke izikhali zawo.

Lezi zigebengu ngabe ezendawo, noma bekuyinto ehleliwe nokusho ukuthi kukhona isandla semfene kukho konke lokhu.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abayisikhombisa eNgcobo

Baze ngani abasolwa ukuthi ulwesithathu ulona suku okumele bagadle ngalo emaphoyiseni.

Kuzo zonke iziteshi zamaphoyisa kungani bekhethe lesi saseNgcobo.

Yize iminingi imibuzo kunezimpendulo.

Okucacile wukuthi sekukhona asebekhokhe ngempilo yabo ngaleli cala elibuhlungu kangaka lokubulawa kwabantu abasivikelayo.

Abafundi babuza umbuzo wokuthi, buphi ubufakazi obukhombisa ukuthi laba ababulewe yibona ngempela abahlasele lawa maphoyisa.

Ngabe ukugadla kwamaphoyisa kubonisa ukuthi uphenyo lwawo lube yimpumelelo futhi banesiqiniseko sokuthi laba abashonile bayingxenye yabulali?

UMbono wabafundi:

Andile Ma-Andy Mabaso Bukhona yini ubufakazi obukhombisa ukuthi abasolwa ibona laba ababulala amaphoyisa? Uma bukhona asitshelwe ukuthi ibuphi ngoba kungenzeka ukuthi kubulawe abantu okungeyibo ngoba nakhu kuphuthunywa umnqamulajuqu ka-72 hrs owakhishwa uMongameli.

Phiwe Luna Pi Ndlovu eMzansi iyasho inhlamvu kusukela kwaphela udlame akuphindanga kwaceba isiziba ngabe kothula sekuphethe muphi umholi emini kabha umfana omncane uhudula i-rifle kubuka umphakathi uboneke ubunzima esiphila ngaphansi kwabo

Mhlengi Mchunu 7 -7 siyalingana isibalo sabashonile eNgcobo phakathi kwamaphoyisa nabafwethu abazamimpilo ngendlela engekhemthethwe waseNingizimu Afrika.

Cairo Da Paris KaCiara Imingakho kebafana bakaMbalulahlalani phezukwabo babethi kumele kufe bani? Ngabe baphi laba bathi uMbalula wande ngomlomo ai ngathi uphethe ushuni kaBheki Cele

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 412 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 868 votes
Vote
Rand - Dollar
19.08
+0.4%
Rand - Pound
23.61
+0.9%
Rand - Euro
20.33
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.30
-0.8%
Palladium
1,031.00
+0.2%
Gold
2,386.98
+0.3%
Silver
28.65
+1.5%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE