Share

UMBONO: Isifana nesiqalekiso into eyenzeka eKapa, amanzi awekho kodwa kuyasha

eThkwini - Impela eKapa babhujiswa ngapha nangapha. Wake wayibonaphi indawo ethi iswele amanzi, ibe inezinkinga zemililo equbuka ngapha nangapha.

Omunye umuntu uyozibuza ukuthi kwakhala nyonini kuleli zulu elincane laseNingizimu Afrika.

Phela indlela eliphakeme ngayo iKapa, yeyi, kwakunamahlebezi wukuthi lihleka ukuba yize elizimele, liyihlubuke iNingizimu Afrika.

Singeke sazi ukuthi yiqiniso kangakanani lokho, kodwa indlela nje izinto ebezenzeka ngayo kuleya ndawo, nawe ungumuntu kazana wawubona-nje usuthelaka eKapa ukuthi hhayi cha ukwelinye izwe lapha.

Leli dolobha alifani neze neGoli elibhuza yonke inhlobo yomuntu nemigwaqo yakhona eminyene.

Phela eGoli kukamfazi ongemama, kwandoda umayibonela. Kuthiwa kukanyama kayipheli kuphela amazinyo endoda.

Kumele uqale uphume edolobheni ukuze uzobubona kahle ubuhle bedolobha le golide. 

OLUNYE UDABA:Uphucwe amanzi onebhizinisi leCar Wash eKapa

IKapa linomoya ohlukile, linemizwa ehlukile, wena owabona soka elibhanqa izintombi, kwazise ngisho ingaba nesithembu esisemthethweni kodwa ukhona lo zinyo bulala okunguyena ophethe ukhiya.

Phela selokhu yaqala lenkinga yamanzi eKapa, sihlezi sivezelwa ondlebezikhanya ilanga bephethe izigujana bemi emgqeni wokokha amanzi. Ngabe lezi zimpunyela yizona zodwa ezinezinkinga zamanzi eKapa.

Ngisho ngoba bengingakaze ngizwe ngezikhalo zabantu abasemalokishini afana noGugulethu ikhulunywa indaba yabo. Noma yisimo sokuthi ngoba vele bona usizi balujwayele ngakhoke ngeke silokhu sineka izinkinga zabo emphakathini.

Nom mhlawumbe kunesimo sokuthi uma bekhala kakhulu abadli bezambane likapondo, kuzosheshe kuzwele.

Hhaybo kudlaliwe ngathi ngoba phela thina abanye sikhule vele singawazi umbuso wokuba namanzi emakhaya.

Ezindaweni ezifana noBergville kusagovuzwa ipitsi ukuze kutholakale amanzi esizowaqhuba ngengolovane sibheke emakhaya.

Kona kuthiwa inxeba lendoda kalihlekwa, kodwa futhi kunzima ukuba nozwelo kangako ebantwini abake baba nawo lawo manzi, ubazwele wena ungena-twa.

Awungitshele kuleli sonto kubikwe izigameko ezimbili zokusha. Esokuqala senzeke ngoLwesine lapho kuqubuke umlilo endaweni yaseKammanasi kanti nangoLwesihlanu abezicishamlilo bebematasa bebhula ilangabi.

NgoMgqibelo ekuseni kuqubuke umlilo esibhedlela saseMitchell’s Plain. Omunye umuntu engathi ibhadi liyazi kubokwalo, kodwa mhlawumbe, abaholi bakulesi sifundazwe kumele bazinuke amakhwapha, baxazulule izinkinga zasekhaya bayeke ukulokhu bekhomba omakhelwane bekhuluma izindaba zakweminye imizi.

ngoLwesine kanti namanje ubungakacishi.

Leli lungu lingeniswe esibhedlela ngemuva kokuthola amanxeba okusha ebusweni nasezandleni.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 946 votes
No! It's time to move on ...
33% - 464 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE