Share

UMBONO: Ngabe kuhlaselwa iCapitec ngenxa yomona?

eThekwini - IViceroy Research nokuyinkampani esanda kukhipha umbiko wokuthi ibhange lakwaCapitec lisebenza njengomashonisa ozenza umsizi womphakathi.

Le nkampani ize yakhipha isiphakamiso sokuthi iBhange Ngodla kanye noNgqongqoshe wezeZimali kumele liqondise leli bhange izigwegwe.

Umbuzo uthi,njengoba emaningi kangaka amabhange ahweba kuleli kungani bakhiphe umbiko ngeCapitec?

Njengoba le nkampani izinze eMelika, yini eyenze yabona kungcono ukuba ihlasele futhi ihlaziye ibhange lakwaCapitec emaningi amabhange amakhulu njengo-FNB, ABSA, Nedbank noStandard Bank okungamabhange aneminyaka ehweba kodwa kasikaze sizwe imibiko efana nalena ngawo.

Ngabe kukhona yini ofihla induku emqubeni ngenhloso-ngqangi yale nkampani.

OLUNYE UDABA: Izikhulu ezingu-81 zamabhizinisi amakhulu zeseka uGordhan

Pho uma iCapitec ihweba njengomashonisa, njengokusho kwabo, yiliphi ibhange abalibona lifanelekile ukusetshenziswa ngabantu abahlwempu nabangenawo amandla okukhokhela izindleko ezibizayo zalawa manye amabhange.

NgoLwesine, uMnyango wezeZimali kuleli usigxeke kakhulu isenzo sale nkampani.

Ngokubika kwe-eNCA ezindabeni zantambama, lo mnyango usola le nkampani ngobudedengu ngalo mbiko wayo, waveza nokuthi le nkampani ayikwenzanga lokhu ngenhloso yokuqinisa uzinzo kwezezimali kuleli.

Lo mnyango uncome kakhulu iBhange Ngodla ngesiqiniseko sokuthi ibhange lakwaCapitec liyibhange elihlelekile, futhi elihweba kahle.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 350 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 484 votes
Vote
Rand - Dollar
18.92
-0.1%
Rand - Pound
23.89
-0.0%
Rand - Euro
20.44
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.35
+0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.1%
Platinum
909.30
+1.4%
Palladium
1,015.00
+1.3%
Gold
2,221.01
+1.2%
Silver
24.85
+0.8%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.9%
Resource 10
57,251
+2.9%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE