eThekwini - Ahlehliselwe umhlaka-8 Juni amacala abhekene nalowo owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma ngemuva kokuvela kafushane eNkantolo eNkulu eThekwini.
Ukuqulwa kwecala likaZuma kuhlehliswe yiJaji uThemba Sishi, waveza ukuthi udedelwe ngesexwayiso.
Ngemuva kwaleli cala, uZuma uthathe umbhobho wabonga labo abakwazile ukufika bezomeseka enkantolo.
"Ngifuna ukunibonga kakhulu, ikakhulukazi imithandazo yenu eniyenza ngaso sonke isikhathi. Sengathi uNkulunkulu angenza ukuthi imithandazo yenu isheshe ifinyelele Kuye," esho.
Uphinde wabonga bonke abaholi besifundazwe abebekhona enkantolo kanjalo nalabo abebezomeseka.
"Ngifuna ukuzibongela, ngiphinde futhi ngizibongele njengoba ngazibongela eminyakeni eminingi eyedlule. Kunezinto ezikulandelayo, ngisho uthi uyazivika zingavikeki," esho.
Nansi imibono yabafundi:
Sfiso Zwane Badlala ngaye uMsholozi untombi zimlanda endlin nkunz emidwamidwa ekade ziyihlaba inkunzana zehluleka uphunyuka bemphethe bethi bamqeda amandla behluleka umthethi wecala maqedane aliwine! Nxamalala
Buti Phumoh Ngcobo Amacala ango-1990 esivumelwano sokuthengwa kwezikhala... kwakubusa uDe klerk... kwakungakongeni ngisho noHulumeni wentando yeningi, kwenzeka kanjan ukuthi umuntu oyilunga leAnc futh eyayisiyo ingxenye kahulumeni owawubusa. Khona okushaya amanzi ngalecala akubizwe ababengomengameli ngaphambi kwakhe bazophendula ngoba usaphila nje uDe klerk.
Fikzin Hlanyest Ngiyavumelana ngoba uZuma ubesiphethe kahle kulelizwe kodwa zinto seziyabheda ngoba sekukhona uRamaphosa #ramaphosamust fall!!
Nonjabulo Ngubane Uthi uMsholozi labo abafuna kuqhubeke icala...NB:Uma kwenzeka liqhubeka bayofisa ukuthi lingaqhubeki ngoba lizovela iqiniso.....ubuze nokuth out of 783 charges abebekwe wona bt usesele no16 aseyephi wonke lawa amanye athethwe ubani??? Waphinde wathi lelicala abekwe lona lezikhala lenzeka eseyi MEC eKZN manj wahlangan kanjan naloko....waphinde wathi banenhlanhla abantu manje ngoba abasashawa ngoba ngabe baningi asebathele induku....ekugcineni wavala ngongoma ethi Ngimanxebanxeba Zinsizwa engakhula nazo.....namuhla ngibonile ukuth uMsholozi usathandwa kakhulu
Khulekani Somnandi Msimanga UZuma uthe ayekade emaningi amacala abethweswe wona kodwa manje amanye asesusiwe naye uyazibuza ukuthi athethwe nini lowomacala ngoba akazikhumbuli esenkantolo yena lol. Sidla ipolitiki nje lapha. Aseyephi amanye amacala njengoba kwakuthiwa angaphezu kwa700, kodwa manje kuthiwa sekusele 17. Aseyephi amanye? Yingakho uMongameli ethi ukube induku isavumelekile ngabe baningi aseke wababhaxa ngenduku lol. Uthi kukhona nje aye ababuke abahalele ngesibhaxu esinzima.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene