Johannesburg - Umdlali webhola likanobhutshuzwayo oneminyaka engu-26 ubudala ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokudlwengula, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesihlanu.
Lo mdlali udlalela ikilabhu egijima kuNational First Division, iBlack Leopards.
"Umsolwa uboshiwe wabe esededelwa ngokuhamba kwesikhathi ngemuva ngokuthi icala lakhe lingafakwanga ohlwini lwamacala yiNkantolo yeMantshi yaseSeshego njengoba kusazoqhutshwa uphenyo," kusho okhulumela amaphoyisa esifundazwe uColonel Moatshe Ngoepe.
Imininingwane ngalesi sigameko ayicaci kahle okwamanje, kepha kukholakala ukuthi isehlakalo senzeke ngoLwesithathu.
- African News Agency/ANA