Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates Coach uMilutin Sredojevic uthi ngeke asenze isethembiso sokuthi bazosinqoba isicoco seNedbank Cup.
I-Orlando Pirates isasethebeni lokuthatha lesi sicoco kulandela ukushaya i-Ajax Cape Town ngo-2-0 ngoMgqibelo.
OLUNYE UDABA: IBaroka FC imise umqeqeshi
IPirates idlulele emzuliswaneni olandelayo ngamagoli amabili ashaywe umdlali waseGhana uBernard Morrison.
“Ebholeni, noma ngabe ngubani owenza izethembiso usuke edlala ngoba ngeke wazenza izethembiso ebholeni. Esingakwethembisa ukusebenza ngokuzikhandla nokudlala kahle,” kusho uSredojevic kwi-SuperSport ngemuva komdlalo.
“Ngithanda ukuncoma abadlali ngokulandela imiyalelo.”