Johannesburg - Kubikwa ukuthi umrepha, u-AKA nomethuli wezinhlelo kumabonakude, uBonanga Matheba sebehlukene.
Lo mbiko wokuhlukana kwale khaphuli ethandwa kakhulu eNingizimu Afrika uzwakale ezinkundleni zokuhumana iTwitter, ngoLwesihlanu ntambama.
U-AKA ogama lakhe lokuzalwa nguKiernan Jarryd Forbes, wazise abalandeli bakhe ngokuhlukana kwakhe noQueen B kuTwitter.
OLUNYE UDABA: Luvutha amalangabi kosaziwayo intombi ivakashele umndeni wesoka
Emasontweni ambalwa lezi zithandani bezikhiphelane eKapa, zibonakale ezithombeni ezifakwe enkundleni yezokuxhumana i-Instagram, zijabulile.
Lokhu akusikho okokuqala lezi zithandani zikwebhana, njengoba ngaphambilini zake zamemezela ukuthi zihlukene kodwa zabuye zabuyelana.
UBonang ubengakasho lutho ngokuhlukana kwakhe nesoka lakhe.
Twitter:
Sad to announce that myself & @bonang_m have broken up. We tried guys. ????
— AKA (@akaworldwide) February 17, 2017
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter