Share

UNgqongqoshe uthi wayengazi ukuthi u-Eskom uqamba amanga

Cape Town – UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uLynne Brown uthi wayengazi ukuthi u-Eskom wawuqamba amanga ngobudlelwane bawo neTrillian Capital Holdings.

Usebekele u-Eskom umnqamulajuqu wangoLwesine ukuba umtshele ngakho konke okwenzeka.

NgoMsombuluko kuvele ukuthi u-Eskom waqamba amanga ngesikhathi uthi imali engaphezu kuka-R1 billion eyawukhokhela inkampani esebenzisana neyakwaGupta yayisemthethweni.

UNgqongqoshe uBrown ubephambi kweStanding Committee on Public Accounts (Scopa) ePhalamende ngoLwesithathu ekuseni lapho i-SA Express ibichaza khona ngokuxhashazwa kwezimali nangokungahambisi izinto ngendlela efanele.

Kodwa wudaba oluthinta iTrillian  obelufunwa yizintatheli ngesikhathi uBrown esephuma emhlanganweni.

OLUNYE UDABA: Akukaboshwa muntu ngokubulawa kwabantu ababili eKraaifontein

UBrown kodwa akabanga mude ngalolu daba.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi wayazi yini ngamanga, uBrown uthe “Cha”.

Ebuzwa ngezinyathelo azosithatha uma u-Eskom wehluleka ukumnikeza incazelo, uBrown uthe, “Ngilindele ukuba bahlangabezane nomnqamulajuqu abawubekelwe .”

Uthe ubengakasithathi isinqumo mayelana nokuthi kumele awudalule emphakathini yini umbiko wakwa-Eskom.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 425 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 604 votes
Vote
Rand - Dollar
18.93
+0.0%
Rand - Pound
23.90
+0.0%
Rand - Euro
20.40
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.33
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.0%
Platinum
908.05
+1.2%
Palladium
1,014.94
+1.3%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE