Johannesburg – Inkampani yaseFinland eyakha omakhalekhukhwini, iHMDikhaya elisha lamafoni akwaNokia, isimemezele ukuthi izokwethula kabusha ifoni yakwaNokia eyake yadlisa kakhulu i-3310 kanye namanye amafoni amabili.
Le foni eyaqala ukwethulwa ngonyaka ka-2000, neyaba ngenye yamafoni adla ubhedu cishe ukuwadlula wonke emhlabeni , kulindele ukuthi ishaye ibuya.
OLUNYE UDABA: Ifuna ukumisa kabi uSamsung ifoni entsha yaseChina
I-3310 yaqala ukudlisa ngasekuqaleni kweminyaka yama-2000 nalapho okwase kuqala khona ukudlisa kwamafoni ane-screen esinemibala, angenalo uluthi (aerial), kanjalo nalawo anokudlidliza (vibrate) uma ngabe kukhona okuthintayo.
Nokho le foni yayingenabo ubuchwepheshe obutheni uma kuqathaniswa namafoni esimanje njengoba yona yayikwazi ukuthi yamukele iphinde ithumele imiyalezo (SMSes) kanjalo nokwenza izingcongo.
Kodwa-ke yayidlise ngamidlalo (games) ayethandwa kakhulu afana neSnake kanye neSpace Impact.
Njengoba iHMD sekuyiyona ephethe uNokia, isigxile kakhulu ekwenzeni amafoni angadlile ngobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu futhi angakwazi ngisho nokusebenzisa i-internet.
Le nkampani kulindeleke ukuba yethule i-3310 kanye namanye amafoni amabili angama-smartphones futhi azosebenzisa ubuchwepheshe be-Android - nokuyiNokia 5 kanye neNokia 3. Lokhu kuza ngemuva kokuthi besanda kwethula iNokia 6.