Johannesburg - Umapakisha ongumlingisi, uPhindile Gwala, odlala indawo kaNonny kuMuvhango, otshengisa phakathi nezinsuku ku-SABC 2, osebe kulo mdlalo cishe iminyaka emihlanu kubikwa ukuthi wesule ngesonto eledlule kuwo.
"Ngisulile ngoba senginesikhathi ngikulo mdlalo futhi ngifuna ukukhula ngokomsebenzi wakhe."
OLUNYE UDABA: Uyashiya kwiSkeem Saam 'uBabymaker'
Uqinisekise iphephandaba iSunday World ukuthi ukusula kwakhe akuchazi ukuthi ubengajabulile.
Uthe nakuba ibhizinisi lakhe lokuhlanjwa kwezimoto lenza kahle, akusilo elimthwese umthwalo.
Lo mlingisi waqala ukubonakala kumabonakude ngo-2013.
Abalandeli bakhe abaphathekile kahle ngokushiya kwakhe kulo mdlalo kanti intingi lithe lizomkhumbula.
- Twitter:
All the best maGwala
— Mthoko Mkhize (@mthokoglenSA) July 17, 2017
will miss u Nompilo kaBaba ???? pic.twitter.com/DJzBZAjJKq
— Ntuthuko (@NontuWaChris) July 17, 2017
We gonna miss you???
— Mpumi Mtshali (@mpumipmtshali18) July 17, 2017
@Phindile_gwala sad you living MOVHANGO please ff me back ungithobinhliziyo ????
— ?The Queen Mtshali? (@entlemm9) July 16, 2017