Share

USanral usabisa ngokufaka enkantolo abangawakhokheli ama-e-toll

Johannesburg – Labo abangayikhokheli imigwaqo ekhokhelwayo, ama-e-toll, bangase bayiswe enkantolo, kukho iSouth African National Roads Agency (Sanral).

Lokhu kulandela isinqumo sokuqala esikhishwe yiNkantolo eNkulu yasePitoli mayelana nesikweleti sama-e-toll.

ICity Press ibike ukuthi inkantolo inqume ukuthi i-One Stop Building Supplies kumele ikhokhele uSanral imali elinganiselwa ku-R436 407.75 ngokushayela emigwaqeni ekhokhelwayo, u-R436 407.75 eGauteng phakathi kwamhlaka-3 ku-Agasti 2013, kuya kumhlaka-31 ku-Agasti 2015.

OLUNYE UDABA: Cosatu: Azishiwe izicwadi zezikweletu zama-e-toll

Ngomhlaka-24 ku-Okthoba ngonyaka odlule, kwafakwa incwadi yasenkantolo kumnikazi we-One Stop, uNaomi Strydom, nalapho ahluleka khona ukuzivikela enkantolo ezinsukwini ezingu-20 ezalandela, iCity Press ibike kanjalo.

Okhulumela uSanral, uVusi Mona, uthi lesi sinqumo sizoba yisifundo nakwabanye abashayeli kanye nezinkampani ezingazihluphi ngokukhokhela izikweleti zama-e-toll ukuze zizokwazi ukuthi zizofakwa enkantolo. “Siphinde sisho (isinqumo senkantolo) ukuthi ubufakazi bokungakhokhi obahanjiswa uSanral bamukelwe yinkantolo,” usho kanje.

Uqhube wathi bayethemba ukuthi lesi sinqumo senkantolo ngecala lokungakhokhi sizonxenxa nezinye izinkantolo ukuthi zibukele kule nkantolo uma zithatha izinqumo ngamacala afuze lawa.

Uthi kuwumsebenzi wabo abawuthathela phezulu ukuqoqa imali yama-e-toll.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Are you among the many South Africans who've added more tinned fish to their grocery baskets?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, pilchards is the new chicken
17% - 1 votes
No, I can't stand canned foods
83% - 5 votes
Vote
Rand - Dollar
18.52
-0.2%
Rand - Pound
23.16
+0.3%
Rand - Euro
19.91
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.22
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
979.06
+1.3%
Palladium
975.00
-0.9%
Gold
2,313.86
-0.4%
Silver
27.25
-0.7%
Brent Crude
83.33
+0.4%
Top 40
70,790
+0.2%
All Share
76,930
+0.2%
Resource 10
61,038
-0.6%
Industrial 25
107,159
+0.1%
Financial 15
16,711
+0.7%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE