Port Elizabeth - Umphakathi waseJoe Slovo uyayeseka indoda eneminyaka engu-38 ubudala eyajikijela phansi indodakazi yayo imi phezu komjondolo.
Le ndoda ivelile eNkantolo yeMantshi yaseNew Brighton ngecala lokuhlukumeza ingane ngoMsombuluko. Ekuqaleni yayibekwe icala lokuzama ukubulala.
Indodakazi yale ndoda yanqakwa yiphoyisa elalimi eduzane nomjondolo wale ndoda ngesikhathi kuqhubeka izidubedube.
OLUNYE UDABA:Uyavela enkantolo owajikijela phansi usana kudilizwa imijondolo
Ingane ayizange ilimale futhi ihlala nonina, kanti abezenhlalakahle bawugade ngelokhozi lo mndeni.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beetge uthe amaphoyisa abopha ubaba wale ngesikhathi ejikijela indodakazi yakhe phansi emi phezu komjondolo.
UBeetge uthe ilungu lamaphoyisa yilo elanqaka ingane ngesikhathi ijikijelwa.
Ngaphambilini lo baba ubebhekene necala lokubulala kodwa seliguquliwe laba ngelokuhlukumeza ingane.
Lesi sigameko senzeka ngesikhathi kukhishwa izakhamuzi endaweni ezakhe kuyo.
- Twitter:
- eNCAPolice say the charges against the 38 year old father who flung his daughter off a shack roof in Joe Slovo has been changed from attempted murder to child abuse pending further evidence and investigation #eNCA
— Sandy McCowen (@MccowenSandy) April 16, 2018