Share

Ushone kabuhlungu obezama ukuthatha i-selfie

accreditation

London - Owesifazane osemusha waseNew Zealand ushone kabuhlungu ngemuva kokuphuma ngewindi waphonseka phansi esuka esitezi sesibili kade ethatha i-selfie, kusho abangani bakhe.

UToni Kelly, othuthele eLondon nonyaka, ushone ngemuva kwesonto kwenzeke isigameko esinyathisa igazi.

Kubikwa ukuthi ulimale kabi ekhanda, kwathinteka ubuchopho.

Ngokombiko we-NZ Herald, abangani bakhe bakholelwa ukuthi waphuma ngewindi elisesitezi sesibili ngesikhathi ezama ukuzishutha, kodwa lokhu bekungakaqinisekiswa ngumndeni wakhe noma iziphathimandla zase-UK.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala amasoka akhe amabili kanyenomyeni

Abangani bakhe sebeqalise uhlelo lokuqoqa izimali zokusiza abazali bakhe ukuze kubuyiselwe isidumbu sikaToni zweni lakubo.

Kuze kube manje kubikwa ukuthi sebeqoqe imali engaphezu kuka-$37 000 (R518 000).

Umndeni kaToni uphinde wanikela ngezinye zezicubu zomzimba wakhe ukusindisa izimpilo zabantu base-UK.

Kwesinye isigameko esenzeka ngasekuqaleni kwalo nyaka, owesifazane owayevakashile eFrance owayezama ukuthatha isithombe nengwenya eThailand walimala kanzima ngesikhathi silunywa yile silwane ngemuva kokusondela kakhulu kuso.

Lo wesifazane wathola inxeba elibi emlenzeni kulesi sehlakalo esenzeka eKhao Yai National Park.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()