Share

UShoprite noCheckers bazobabuyisela imali abathenge imikhiqizo yakwa-Enterprise nakwaRainbow

Cape Town - Amakhasimende akwaShoprite nawaseCheckers ayanxuswa ukuba abuyisele ezitolo athenga kuzo imikhiqizo yakwa-Enterprise kanye nopholoni wenkukhu wakwaRainbow Chicken ukuze ezobuyiselwa imali yawo, kusho le nkampani esitatimendeni ngoMsombuluko.

Le mikhiqizo kumele ibuyiselwe isasemaphaketheni ethengwe ekuyo - noma isivuliwe - kanti nesiliphu asidingeki.

IFin24 ibike ngaphambilini ukuthi ukubheduka kwe-listeriosis sekubulale abantu abangu-180 kwathi ababalelwa enkulungwaneni bangeniswa ezibhedlela.

Ifemu yakwa-Enterprise Foods esePolokwane kubikwe ukuthi yiyo umsuka walesi sifo.

Imikhiqizo yeShoprite Group edayiswa ngaphansi kweHousebrand, iRitebrand neFarmer’s Deli, yona ayithinteki kulokhu kubuyiswa kwemikhiqizo kulandela isaziso ngemikhiqizo yakwa-Enterprise Foods neyakwaRainbow Chicken.

OLUNYE UDABA: I-EFF ifuna kubhekwe ukudla okudayiselwa abafundi ezikole ngenxa yeListeriosis

Le nkampani ithe imikhiqizo yalolu hlobo yakwaShoprite neyakwaCheckers ayikhiqizwa yilezi zinkampani ezithintekayo.

NgeSonto, izitolo zale nkampani zisuse yonke imikhiqizo ethintekayo emashalofini ayo.

Lokhu kulandela isimemezelo esenziwe nguNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi, ngemuva kokuthi ukuhlolwa kwemikhiqizo kuwukhombe efemini yakwa-Enterprise esePolokwane lo bhedukane.

Le nkampani ithembise ngokwenza konke okusemandleni ukusiza uMnyango ulwe nokunqanda lo bhubhane.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 421 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 896 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE