USomlomo woMkhandlu wedolobha ozonquma ukuthi kuzovotwa kanjani kolukaDe Lille

Cape Town – Isinqumo sokuba kuvotwe ngokuyimfihlo esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi beMeya yaseKapa uPatricia De Lille kumele sithathwe nguSomlomo woMkhandlu wedolobha iKapa, kusho iNkantolo eNkulu eWestern Cape.

UDe Lille ubefake isicelo esiphuthumayo efuna isiphakamiso sivotelwe ngokuyimfihlo.

Kodwa uMehluleli Robert Henney uyalele ukuthi uSomlomo kube nguyena othatha isinqumo ngalolu daba.

Uphinde wayalela ukuba i-DA itshele amalungu ayo ukuthi akhululekile ukuvota ngendlela ecabanga ngayo ukuthi ifanele.

OLUNYE UDABA: UZuma uthi akaqondi ukuthi kujahwephi kangaka

UDe Lille ufake amaphepha eNkantolo eNkulu ngoLwesine olwedlule, ngomhlaka-8 Febhuwari, efuna amalungu e-DA avunyelwe ukuvota ngokuyimfihlo.

UDe Lille uzobhekana nesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bakhe emhlanganweni womkhandlu oyisipesheli ngoLwesine, mhlaka-15 Febhuwari.

Ngenyanga edlule, isigungu esiphezulu esiphezulu se-DA sigunyaze ikhokhasi yayo ukuba ifake isiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaDe Lille emkhandlwini.