Johannesburg - Lowo owayengumdlali weBafana Bafana uKagisho "KG" Dikgacoi usengene kwezamabhizinisi.
UDikgacoi besekungezwakali lutho ngaye selokhu ashiya iGolden Arrows ngoJuni nyakenye, kodwa manje usedalule ukuthi usengene komunye umkhakha, kubika iphephandaba iSowetan.
Lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala ungumnikazi we-International Sports Apparel Design Institute (IsaDi), kanti usesayine inkontileka ngaphandle kwakuleli, njengoba enze isivumelwano neFootball Association of Malawi (FAM).
"Sisayine isivumelwano seminyaka emithathu kanti kulindeleke siqale ekupheleni kwenyanga…yiqembu lesizwe, yinto enkulu leyo kithina.
OLUNYE UDABA: Omunye futhi umqeqeshi osekhonjwe indlela
"Sinethemba lokuthi sizosivulela iminyango kumakilabhu akuleli nawangaphandle.”
I-IsaDi izohlinzeka ngezimpahla zebhola lezinyawo, ama-tracksuits, nama-golf shirt, nokunye okuningi.
Uthi benethemba lokuthi ngokuhamba kwesikhathi bazokwenza namakhokho kanye namabhola, kodwa okwamanje basakhulisa inkampani.
Uthi okwamanje usagxile kuleli bhizinisi, kusangenzeka abuye adlale ngokuzayo. Akakawuthathi umhlalaphansi.