Cape Town - Intengo kaphethiloli eGauteng izonyuka ngo-72c ilitha kuthi ezindaweni ezisogwini yenyuke ngo-62c ilitha kusukela ngoLwesithathu oluzayo, kusho uMnyango wezaMandla ngoLwesithathu.
Ukudambisa lezi zindaba ezimbi, ibhange loMbuso limemezele ngoLwesithathu ukuthi izokwehla ngo-25 basis points i-repo rate.
Lokhu kusho ukuthi kusukela ngomhlaka-1 Ephreli, intengo yemalimboleko izokuba ngu-10% isuka ku-10.25%.
I-Automobile Association ikhiphe isexwayiso ngaphambi kwamahora ambalwa kwenziwe isimemezelo sokunyuka kukaphethiloli yathi kuzozwela kakhulu kubashayeli ukunyuka kukaphethiloli okuzayo.
OLUNYE UDABA: 'Uzomba eqolo uphethiloli ngo-Ephreli' - AA
Iqagule ukuthi uphethiloli ungase unyuke njengoba kwabonakala ngoDisemba ufinyelela ku-R14.49 ilitha (93 octane), kanye no-R14.76 ilitha (95 octane) ezindaweni ezimaphakathi nezwe, kanti ogwini wafinyelela ku-R13.76 ilitha.
I-AA iphawula ngezibalo zokuphela kwenyanga ezingaqinisekisiwe ezikhishwe yiCentral Energy Fund, ixwayise ngokuthi ukuqhubeka kokunyuka kwamanani kawoyela emazweni omhlaba kungase kuholele ekutheni abashayeli bakuleli bangene bajule emaphaketheni.
UMnyango umemezele ukuthi udizili uzonyuka ngo-65.20c ilitha.