Johannesburg - Umdlali wasesiwini weMamelodi Sundowns uThemba Zwane ubonga abalandeli ngemuva kokuwina bedlala neBidvest Wits.
AmaBrazilian ehlule iWits ngo-2-0 emdlalweni obungoMgqibelo ebusuku nokusho ukuthi aseshiya i-Orlando Pirates, esendaweni yesibili, ngamaphuzu ayisithupha.
UZwane uvalele phakathi igoli lokuqala kulo mdlalo, waphinde waqokwa njengomdlali ovelele.
OLUNYE UDABA: Uncoma indlela abadlale ngayo ngisho behlulekile ukuwina
“Indlela esixhumana ngayo isebenza kahle selokhu kuqale isizini, siyazana kusukela ejimini. Ngicabanga ukuthi sidlala kahle njengeqembu,” kusho uZwane kwi-SuperSport TV.
“Abalandeli bethu bahlale njalo besikhuthaza ngisho sihlulwa, futhi siyakubonga kakhulu lokho.
“Kube umdlalo omnandi, ngithanda nokubonga ozakwethu ngokungisiza ngishaye igoli.”