Zimkhalele umakoti obeshayela 'edle amponjwana' eya emshadweni wakhe

Marana - Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela owesifazane waseMelika obeshayela ngaphansi kwengcindezi yotshwala elibangise emshadweni wakhe.

Ngokusho kwephephabhuku iPeople, u-Amber Young, 32, wase-Arizona, uboshwe ngemuva kokuba amaphoyisa abebizelwe engozini ebandakanya izimoto ezintathu eMarana, okuyidolobha elincane eliseningizimu-ntshonalanga ye-United State.

OLUNYE UDABA:Kushone ingoduso nezimpelesi engozini

Kuphuthunyiswe umuntu oyedwa esibhedlela kulandela ukuthola ukulimala kule ngozi.

IPeople ibike ukuthi uYoung uvalelwe isikhashana esitokisini, kanti iKVOA.com iqinisekise ukuthi lo makoti udedelwe ngesikhathi kufika umkhwenyana ezomkhipha.

Ngokusho kwezindaba zeFox, iphoyisa ebelisendaweni yesigameko, uSergeant Chriswell Scott, lifake isithombe enkundleni yezokuxhumana iTwitter esiveza umakoti egaxwa ozankosi egqoke ingubo yakhe yomshado.

 - Isithombe:

PHOTO: Marana Police Department

 - Isithombe sihlinzekwe ngamaphoyisa aseMarana