Share

Zishaqise inkantolo izelamani zichaza ngokubulala umfowabo omncane

Johannesburg - Izelamani ezimbili zidalule okushaqisayo enkantolo yaseTsisa Falls eduzane naseQumbu, e-Eastern Cape, ngoLwesithathu, zichaza ngokuhlinza umfowabo omncane ukuze zizosebenzisa izicubu zakhe zomzimba negazi ukwenza umuthi.

Izicubu negazi kwakuzosetshenziselwa ukwenza umuthi wokulapha omunye wabasolwa onesifo sokuwa.

UMawethu, 22, noLuvo Gwayi, 26, babhekene necala lokubulala ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulala uBuhle Gwayi, 9, owatholwa ngoLwesithathu olwedlule ebulewe. 

OLUNYE UDABA:Lisenkantolo elombulali odayise izicubu zomzimba

Kwakubikwe ukuthi uBuhle udukile ngalo lelo sonto.

Isigameko senzeka eMdeni Village, eduzane naseShawbury eQumbu.

UMawethu, esebhokisini lofakazi efaka isicelo sebheyili, ukuqinisekisile ukuthi babandakanyeka kanjani kulesi sigameko nokuthi sasihlelwe kahle.

Balivumile icala ngoLwesithathu.

"Yebo, samuhlinza umfowethu ngoba sasifuna izinyawo, isibindi, ikhanda kanye negazi lakhe ukuthaka umuthi wokwelapha uLuvo," kusho uMawethu etshela inkantolo, evele yathuka yoma ngemuva kokuzwa le ncazelo.

Icala lihlehliselwe umhlaka-20 Septhemba.

 - SowetanLive

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 513 votes
No! It's time to move on ...
35% - 271 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
-0.1%
Rand - Pound
23.80
-0.0%
Rand - Euro
20.42
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.42
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.1%
Platinum
930.20
+0.5%
Palladium
995.00
+0.5%
Gold
2,335.16
+0.1%
Silver
27.50
+0.2%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.4%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE