New York - Lizoqala enkantolo eseWashington, icala lokushaya elibhekene nomculi owuhlupho uChris Brown.
Ukungena kwaleli cala kulandela lelo likanogada kaBrown, bobabili babekwa icala lokushaya elenzeka ngenyanga ka-Okthoba, ngaphandle kwehhotela eWashington.
Ummangali watshela amaphoyisa ukuthi wahlaselwa, washaywa ngenqindi.
Amaphepha ahanjiswa enkantolo athi indoda yathola ukulimala ekhaleni, uBrown uyaliphika icala.
Ngonyaka ka-2009 uBrown waboshelwa icala lokushaya intombi yakhe engumculi, uRihanna.Laba baculi bagcina ngokuhlukana.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).